
Kushone ingane yomfana eneminyaka engu-15 ubudala kulandela ukushayiswa yimoto imhlanganise nodonga eNdwedwe izolo ntambama.
Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) abizelwe eMavela lapho afike nabosizo lokuqala beRUSA Paramedics bahlola umfana bathola ukuthi ulimale kanzima okuyikho okuholelele ekutheni ashone ngaphambi kokufika kwabosizo lokuqala.
OLUNYE UDABA: Kukhishwe umbiko wokuqala ngengozi edlule nabantu abahlanu eGingindlovu
Umshayeli wemoto emhlophe yohlobo lweToyota Quantum ubikele abeReaction Officers ukuthi ubelandela imoto engaphambi kwakhe eduze kakhulu ngesikhathi ivele ibhuleka esikhaleni.
Umshayeli uthi ubezama ukugwema ingozi kodwa ngeshwa washayisa umuntu obehamba ngezinyawo ngaphesheya komgwaqo.
Umufi uhuduleke amamitha ambalwa ngaphambi kokuba imoto ishayisane nodonga.
Umndeni kamufi uthe ubesanda kuphuma ekhaya eyodlala i-pool nabangani.
IZITHOMBE: RUSA



Reaction Unit South Africa
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
