
Udaba olubhekene noMasipala weTheku ngokuchazwa njengenkinga yendle kuleli dolobha luzoqulwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngasekupheleni kwaleli sonto.
I-ActionSA yaqala ukufaka amaphepha ngonyaka ka-2022, isola umasipala ngokuhlukumeza amalungelo abahlali omthethosisekelo wendawo ehlanzekile nephephile.
Ithi le nkinga isidale ukuvalwa kwamabhishi, ukuchichima kwendle, yaphinde yalimaza ezokuvakasha nomnotho wendawo.
OLUNYE UDABA: I-ActionSA kuphoqeleke ukuba ikhansele ukwethulwa kwegatsha lakuWard 25 namuhla
USihlalo we-ActionSA esifundazweni, uZwakele Mncwango, uthe bafuna inkantolo iphoqe idolobha ukuthi likhiphe uhlelo olunezinqumo eziqinile.
“Ithemba lethu ukuthi inkantolo iphoqe okwangempela umasipala nohulumeni kuzwelonke ukuthi bakhiphe imali futhi baqinisekise ukuthi umasipala uyakwazi ukulungisa ingqalasizinda, wenze isiqiniseko sokuthi amabhishi ethu ahlanzekile, ayikho i-E.coli, singaphinde siwukhulise ngempela umnotho.
“Kodwa okubaluleke kakhulu, ukuthi idolobha kumele libe nentshisekelo yokulungisa ingqalasizinda, uhulumeni, esifundazweni nakuzwelonke.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
