UPablo Martin oke wacija Amazulu ucacisa eyokushelwa yiPirates

Pablo Franco Martin 

UPablo Franco Martin oseke waqeqesha iqembu laMazulu FC ngesizini ka-2023/24 useveze ukuthi emnyakeni edlule esakwiSimba SC yake yamfuna iPirates ngaphambi kokuthi eze kwiPsl ezojoyina Amazulu.

Lo mqeqeshi uthi engakujabulela ukucija iqembu elifana ne-Orlando Pirates njengoba leli qembu lisemkhankasweni wokufuna umqeqeshi ozovala isikhala sikaJose Riveiro osehambile kweZimnyama.

UMartin uthi ngaphambi kokuthi eze eNingizimu Afrika ezoqeqesha Amazulu uthi waluthola ucingo oluqhamuka kwiPirates befuna ukumnikeza umsebenzi kodwa ngaleso sikhathi uthi wayesabhekene neqembu leSimba SC laseTanzania.

OLUNYE UDABA: Umunyu kubadlali kuvaleliswa uRiveiro kwiPirates

Lo mqeqeshi njengamanje uthi akafuni ukuphawula ngezinto eziningi njengoba esagxile kwiqembu akulona njengamanje kodwa ngelinye ilanga usenaso isifiso sokubuyela kwiPSL.

Akucaci njengamanje ukuthi ngabe ezimnyama zisazoqhubeka yini zimfune lo mqeqeshi njengoba zake zamthinta ngaphambilini noma basazobheka abanye abaqeqeshi.

Kubonakala bebaningi abaqeqeshi ababheke umsebenzi wokucija i-Orlando Pirates kanti abanye babo bake basebenza namanye amaqembu kwiPSL.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit

One thought on “UPablo Martin oke wacija Amazulu ucacisa eyokushelwa yiPirates

  1. **mitolyn official**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *