
UNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana uthi alikho ihlazo ngokwethuleni inkulumo yakhe yesithathu yesabelomali engekho uMengameli Cyril Ramaphosa noma iPhini likaMengameli uPaul Mashatile babekhona. UMengameli uthamele le nkulumo ese-US, lapho ezohlangana khona noDonald Trump namuhla ntambama.
IPhini likaMengameli liseFrance ukuyohlangana noMengameli u-Emmanuel Macron ukuze kuqiniswe ubudlelwano bamazwe amabili.
OLUNYE UDABA: UGodongwana umemezele usuku olusha lwesabelomali sika-2025
UNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi uGwede Mantashe nguyena ohola izwe njengoba oMengameli behambele e-United States naseFrance.
“Enye yezinto esiqoke ukuzenza ezisuselwa ekuxoxisaneni noMengameli wukuthi yikuphi okumele kuhlehliswe Phakathi kohambo lwakhe lokuya eMelika nesabelomali. Sibone ukuthi angeke sikwazi ukuzihlehlisa zombili lezi zinto ngoba angeke sikwazi ukwelula isabelomali sidlule kumhlaka-30 July ngoba iminyango kahulumeni ngemuva komhlaka-30 July izobe isikwazi ukufinyelela ku-10% kuphela wesabelomali sayo. Kungase kube nomthelela omkhulu ekwenzeni kanjalo.”
Nakuba ebile khona amalungu ePhalamende abengaziphethe kahle, uGodongwana uqhubekile nokwethula inkulumo yakhe yesabelomali esincishisiwe nesibuyekeziwe.
Uqale wacacisa ukuthi iVAT izohlala ku-15%.
“Isinqumo sibonisa ukuzibophezela kwethu ekulaleleni abantu baseNingizimu Afrika. Yilokhu okuhlinzekwe ezinyangeni ezimbili ezedlule: izifundo ezibalulekile ezizokwazisa ukuthi siphatha kanjani uhlelo lwesabelomali ukuya phambili.
“Ieqinisweni, isinqumo sokuqeda ukunyuka kwe-VAT, ngaphandle komthombo osebenzayo wemali engenayo, kunciphisa kakhulu amandla ethu okuxhasa izinhlelo ezengeziwe zikahulumeni kanye namaphrojekthi esibona enesidingo. Yize kunjalo, lesi sabelomali sisekela izimali ezisimeme, iholo lezenhlalakahle kanye nokutshalwa kwezimali ekukhuleni komnotho.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
