
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi usigxeka kakhulu isigameko sodlame esibandakanya abafundi bamabanga aphezulu eNewlands East.
I-video ephazamisayo ezungeza ezinkundleni zokuxhumana ikhombisa iqeqebana labafundi begqoke umfaniswano wesikole bebambene ngezihluthu eLakehaven Secondary School.
Kukhona nezinsolo zokungabekezelelani kwezinhlanga.
OLUNYE UDABA: Owezemfundo uluthathela phezulu elothisha osolwa ngokufundisa abafundi umkhuba
Umnyango uthe usuqalile ukwenza uphenyo, wagcizelela nokuthi awulubekezeleli nhlobo udlame ezikoleni.
Ithe bonke abathintekile banikezwa ukwesekwa kanti futhi abafundi abayamaniswa nalolu dlame bona bazobhekana nokuqondiswa kwezigwegwe.
Umnyango wengeze ngokuthi noma yisiphi isenzo esibeka ukuphepha kwabafundi, othisha, noma abasebenzi engcupheni kuyicala elibi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
