
Isikhulu esiphezulu eqenjini leCape Town City, uJohn Comitis, uthi uzimisele kakhulu ukuthi iqembu lakhe lisinde ezembeni njengoba osukwini lwakusasa kuqala imidlalo yama play-off kumakilabhu amabili agijima kwiMotsepe Foundation Championship kanjalo neqembu eligcine kunombolo-15 kwiligi yeBetway Premiership nokuyiCape Town City.
UComitis ulande u-Andries Ulderlink ongumqeqeshi waseNetherlands owake wayibamba kwi-Ajax Cape Town eminyakeni eyedlule ukuba azohlenga iCity ezemidlalo.
OLUNYE UDABA: UPercy Tau ugaqelwe amaqembu akuleli ngemuva kokukhululwa eQatar
U-Uldelink uneziqu ze-Uefa A licence, kanti ugcine ukubonakala kwiGlasgow Ranger eScotland.
Umdlalo wokuqala wama play-off kuzotholana phezulu i-Orbit College Kanye neCasric Stars ngoLwesithathu eSolomon Mahlangu stadium, eMpumalanga.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
