UMengameli Ramaphosa uzokhuluma nesizwe ngodaba lokuphepha kazwelonke

UMengameli Cyril Ramaphosa ngeSonto, lwangomhlaka-13 July 2025 uzokwethula inkulumo esizweni mayelana nokwenzeka esitatimendeni sikaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, esichaza kabanzi ngezinsolo ezibhekiswe kubuholi obuphezulu bezepolitiki kanye noboMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika.

UMengameli Ramaphosa ubehambele ingqungquthela ye-BRICS eBrazil ngeSonto, lwangomhlaka-6 July 2025, lapho uJenene Mkhwanazi ebeka izinsolo eziningi kwisithangami sabezindaba.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke umbhikisho wokweseka uKhomishana wamaphoyisa waseKZN eThekwini

UMengameli uzibophezele ekubhekaneni nalolu daba uma esebuya e-Brazil, ngenxa yemiphumela yezokuphepha kwezwe.

UMengameli Ramaphosa uzokhuluma nesizwe ngeSonto lwangomhlaka-13 July 2025 ngezithuba zabo-19:00.
Inkulumo kaMengameli izosakazwa ezinkundleni ezahlukene zokusakaza, kusho isitatimende.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)