
Zingaphezu kwezingu-100 izisulu ezalahlakelwa yindawo yokuhlala ngesikhathi sezikhukhula ezathola ukukhosela ehhotela eliseThekwini.
Lezi zisulu sekuphele amahora angaphezu kuka-24 zihlezi emigwaqweni engaphandle kwebhilidi.
NgoLwesine ekuseni, umgwaqo wonke uFlorence Nzama Street ugcwele abantu abakhishwe kuleli bhilidi iBayside Hotel.
La bantu bathi baxoshwe ngenxa yokubambezeleka kwenkokhelo yoMnyango wezokuHlaliswa koMphakathi eKZN kuleli hhotela.
OLUNYE UDABA: UHlabisa umemezele u-R1.4bn wokusiza izifundazwe ezikhanyezwe yizikhukhula
UMnyango uthi ususebenzise imali engu-R185 million kulabo abakhahlanyezwe yizikhukhula, kodwa udinga u-R128 million ukuze uqedele lesi sikweletu.
Kulabo abalala emgwaqeni kubalwa izingane ezisencane, izalukazi namakhehla, omama abancelisayo abangenazo izindliu zangasese, imibhede nezinye izidingo eziyisekelo.
Ziningi izinhlangano ezifana neGift of the Givers kanye namaqembu ezepolitiki asefake isandla, zisiza ngokudla, izithelo, nokweseka izakhamuzi ezikhishwe kule ndawo.
Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uSiboniso Duma, uhlangane noNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu ngoLwesine ukuze aveze indlela eya phambili.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
