
Kunxuswe abalimi baKwaZulu-Natal ukuthi bavikele imfuyo yabo ngaphambi kwezimo ezibi zezulu ezilindeleke ukuthi ziqale kule mpelasonto.
ISouth African Weather Service ithi kuzokhithika njengoba kulindeleke ukuthi kube neqhwa ezifundazweni eziyisishiyagalombili kweziyisishiyagalolunye okubalwa kuzo ne-KZN.
Ihhovisi lezangoma zezulu lithi amazinga okushisa kulindeleke ukuthi ehle kakhulu aze afinyelele ku-10°C ekuqaleni kweSonto.
OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa ngemvula enamandla nokudumu kwezulu eKZN
Imvula enamandla nomoya onamandla nakho kubikezelwa ezingxenyeni ezithile zesifundazwe kusukela ngoMsombuluko, ikakhulukazi eningizimu.
OweKZN Agricultural Union, u- Angus Williamson usexwayise abalimi ukuthi bathathe zonke izinyathelo zokuphepha.
“ Uma isimo sezulu singesihle qiniseka ukuthi kukhona ubutshani obengeziwe.
“Ngakho-ke, uma likhithika ezindaweni eziphakeme lapho izinkomo nezimvu zikwazi ukufinyelela, qiniseka ukuthi khona ubutshani, ufake nezithasiselo ezidingekayo ukuze kuqinisekiswe ukuthi imfuyo ikahle kuze kudlula amakhaza.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
