Kumenyezelwe abazonandisa emcimbini wePhinifa On Fleek

Umcimbi IPhinifa on Fleek ozobanjelwa e-ICC eThekwini ngomhlaka-30 August 2025 izolo ngoLwesithathu, umemezele uhlu lwabaculi abazonandisa ngalolu suku.

Kulo nyaka kulindeleke ukuthi lo mcimbi uhehe abantu abaningi ngenxa yesigqi sawo nokukhula kwawo kanti kumenywa bonke abantu kusukela kumatshitshi kuya kubashadikazi nabayeni babo kanjalo nosomabhizinisi abancane.

Lo mcimbi ngokujwayelekile ububanjelwa ezindaweni zokudlela phecelezi ama-restaurants kanti-ke kulo nyaka kuningi okuzobe kwenzeka ngalolu suku njengoba kuzobe kunombukiso wamaphinifa ahlukene amanye ethengisa, kube nomncintiswano wabasiki bamaphinifa, kukhuthazwe kuphinde kwelulekwe abantu besifazane, kube nomncintiswano nokunye okuningi.

OLUNYE UDABA: Uhlu lwabo bonke abawine kuma-12th Simon Mabhunu Sabela KZN Film & Television Awards

IPhinifa On Fleek izolo yethule abaculi abangu-21 abazonandisa ngalolu suku, okubalwa kubo uMawhoo, uDJ Sox, Amaqwabe Twins, uDladla Mshunqisi nabanye abaningi.

Amathikithi alo mcimbi aseqalile ukuthengisa kanti atholakala eTicket Pro, ngamanani ahlukene – amathikithi aqala ukutholakala ngo-R200, R350, R500(General) bese kuba ngelika-R800 (VIP) nelika-R1500(VVIP).

Uhlu lwabaculi abazobe nenandisa sebebonke:

  1. Mawhoo
  2. DJ Siyanda
  3. DJ Sox
  4. Amaqwabe Twins
  5. Dladla Mshunqisi
  6. Jumbo
  7. Gandaganda
  8. Ntencane
  9. Zamambo mkhize
  10. Limit Nala
  11. Mjolisi
  12. DJ Cindo
  13. DJ Happy Gal
  14. Anita M
  15. Nontokozo Mkhize
  16. DJ Sjerere
  17. Berry & Shankur DJ (abashana base-Afro)
  18. Nomakhosini
  19. Zion Legacy
  20. Christ Worshipers
  21. Mthandeni Manqele

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)