
Umlingisi obeyintandokazi yeningi waseNingizimu Afrika, uPresely Chweneyagae, ubekwe endaweni yakhe yokugcina namuhla, emathuneni aseZandfontein ePitoli.
Lo mlingisi oneminyaka engu-40 ubudala udlule emhlabeni esemzini wakhe ngesonto eledlule.
Indodana kaChweneyagae endala, uSiyabulela Chweneyaga, ichaze uyise njengobaba obenamancoko, uthando futhi engubaba oqotho futhi kuba mnandi endlini uma ekhona.
OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni ‘uCobra’
USiyabulela ubekhuluma enkonzweni yomngcwabo e-Akasia Hall, enyakatho yePitoli namuhla ekuseni.
USiyabulela uthi uyise ubewukhonzile umndeni wakhe ewubeke eqhulwini nakuba ebesebenza amahora amade kodwa ubenaso isikhathi somndeni wakhe.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
