
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uSipho Hlomuka, ugxeke isigameko sokuphanga kuhlonyiwe esikoleni samabanga aphansi esiKwaMashu esigcemeni sakwa-D ngoLwesihlanu.
Kubikwa ukuthi izigebengu zahlasela esikoleni iZamokuhle Primary School, lapho ezabamba khona onogada zabe sezidlulela kothisha labaphuca impahla yabo zaphine zabaphoqa ukuba zikhiphe yonke imali abanayo ngisho naleyo esemabhange.
UNgqongqoshe uHlomuka uthi lesi yisenzo sobulwane nobugwala esibhekiswe kubantu abazinikele ekubumbeni ikusasa lezwe lethu. Othisha bethu kumele bavikelwe ngaso sonke isikhathi futhi akufanele basebenze ngaphansi kosongo lobudlova.
OLUNYE UDABA: Idutshulwe yashona indoda ngezinsolo zokubamba iphoyisa inkunzi eThekwini
Lesi sigameko sishiye othisha nabafundi behlukumezeke kakhulu. uMnyango usebenzisana namaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service ukuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi babhekana nengalo yomthetho baphinde bashushiswe.
Amaphoyisa avule icala lokuphanga kuhlonyiwe kulandela isigameko sokuhlaselwa. Sinxusa noma ngubani onolwazi olungasiza ukuba axhumane namaphoyisa ngokushesha.
Ngokomyalelo kaNgqongqoshe, othisha nabafundi abathintekile bathola ukwelulekwa ngokomqondo kanti kuthathwa izinyathelo ezengeziwe zokuphepha nokuvikeleka ziyaqiniswa ngokushesha esikoleni nasezikhungweni ezakhelene nendawo.
