
Ukutholakala kwenye inkawu yohlobo lwe-Vervet enenxeba lokudutshulwa kuphakamise ukukhathazeka phakathi kwezakhamuzi zase-Everest Heights, eVerulam – KZN ngoMsombuluko.
Amalungu e-Reaction Unit South Africa (RUSA) abizelwe endaweni eku-Himalaya Drive cishe ngezithuba zabo-12:08 ngemuva kokuba umnikazi womuzi ethinte abe-RUSA Operations Centre ukuze athole usizo.
Ngesikhathi abakwa-RUSA befika baxhumane nomnikazi womuzi, obe esebachazela ukuthi akasahlali kulo muzi kodwa wayefike ngokuzobheka isimo somuzi ekuseni wabe esebona inkawu ilele ophahleni lwendlu wabe eseshayela abe-Operations Centre.
OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Iphila saka inhlwathi eyaphuthunyiswa esibhedlela ngendiza
Abe-RUSA balandeinkawu ophahleni base besihlola bathola ukuthi inenxeba elilodwa lokudutshulwa ohlangothini olungaphezulu kwesobunxele lomzimba wayo ngeshwa ibisivele ifile.
Ngokusho komnikazi womuzi, lena bekuyinkawu yesine etholakala ifile kule ndawo ngaphansi kwezimo ezifanayo.
Ubengakahlonzwa umuntu owenza lo mkhuba endaweni.
IZITHOMBE:



RUSA
