Kuyaphenywa ngemoto etholwe KwaMashu

Imoto yohlobo lwe-Toyota Hilux emhlophe ngebala ebiyebiwe itholwe ngase-Bridge City Mall ku-Bhejane Road ngoLwesibili ntamabama, KwaMashu.

Le moto itholwe ngempumelelo nangokubambisana konogada bakaw-KZN VIP kanye namaphoyisa ophiko lwe-SAPS.

Imoto, ebikwe ukuthi yebiwe ngaphambilini, itholakale ku-Bhejane, KwaMashu kulandela ukutholakala kwemininingwane enembayo.

OLUNYE UDABA: Itholwe eNtuzuma imoto edunwe eNewlands West

Ngesikhathi amaphoyisa athole ukuthi abasolwa bayishiye kanjalo imoto baphela endaweni.

Imoto ibe isithahwa yadluliselwa kwiziphathimandla ezifanelekile ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Okwamanje akukaboshwa muntu.

Bonke abathintekayo abadingekayo bebekhona, kanti futhi uphenyo ngezimo ezizungeze ukwebiwa kwale moto luyaqhubeka.

KZNVIP