
I-Transnet Port Terminals (TPT) ithi uphenyo luyaqhubeka ukuze kutholakale imbangela yomlilo oqubuke ngoMsombuluko ebusuku e-D Berth ngaphakathi kwe-Point Multi-Purpose Terminal (MPT) e-Port of Durban.
Ngokusho kwe-TPT, bonke abathintekayo batsheliwe, futhi imisebenzi engxenyeni ethintekile iqale ngemuva kwehora kwenzeke isigameko.
OLUNYE UDABA: Ikwazile ukubaleka imindeni, umlilo ucekela phansi umuzi eMontclair
Ilangabi licishiwe kanti futhi akukho ukulimala okubikiwe.
“I-Durban Multi-Purpose Terminal ingaqinisekisa ukuthi imisebenzi ye-terminal ithinteke okwesikhashana ngoMsombuluko wangomhlaka-22 June 2026 cishe isikhathi esingangehora ngenxa yesigameko somlilo e-D Berth,” kusho i-TPT esitatimendeni.
Ivideo:
@brendenr22 Transnet crane explodes and burns in Durban harbor 22/06 #southafrica #southafricatiktok #tiktoksouthafrica #durban #durbantiktok ♬ original sound – Brenden Roberts🇿🇦
ISITHOMBE

