Lihlehlile elabasolwa ngokubulala umndeni wakwaMonswamy

Bavelile enkantolo abasolwa abathathu abasolwa ngokuqotha amalungu ayisikhombisa omnden wakwaMonsamy.

ULinda Blessing Mthiyane oneminyaka engu-28 ubudala, uBongumenzi Mpungose oneminyaka engu-26 ubudala, uMthandeni Luyanda Mthiyane oneminyaka engu-21 ubudala bavele okwesibili eNkantolo yeMantshi KwaDukuza.

Kukholakala ukuthi ngomhlaka-21 April 2026 , izisulu zathunjwa emzini wazo oseNewark . Izidumbu zazo zatholwa eMelmoth ngemuva kwezinsuku.

Bonke ababulawa bangamalungu omndeni owodwa kanti babeneminyaka ephakathi kwengu-20 nengu-83 ubudala.

Abamangalelwa babhekene namacala okugqekeza ngenhloso yokubamba inkunzi, amacala ayisikhombisa okuthumba nayisikhombisa okubulala.

OLUNYE UDABA: Basenkantolo abasolwa ngokubulala umndeni wakwaMonswamy

UBongumenzi Mpungose uyena othweswe ngecala lokudlwengula kanti uMthiyane uthweswe nelokutholwa nesibhamu nezinhlamvu ngokungemthetho.

Nakuba abamangalelwa babenqume ukungasifaki isicelo sebheyili kodwa uMpungose ujikile wathi ufisa ukufaka isicelo sebheyili. Ummeli wakhe uthe uzokwazisa inkantolo ngosuku lwesicelo sebheyili uma esexoxile nommangalelwa.

Icala lihlehlele umhlaka-31 July 2026 ukuze kuqhubeke uphenyo.