
Inyunyana yothisha KwaZulu-Natal ithi udlame ezikoleni kumele luthathwe njengecala, kunokuthi luthathwe njengezenzo zokungaziphathi kahle.
Amacala amabili ashaqise inqwaba yabantu emphakathini waseVerulam nowaseMgungundlovu ngesonto eledlule.
Kugwazwe umfundi oneminyaka engu-17 ubudala owenza uGrade 10, okusolakala ukuthi ugwazwe ngabafundi ababili afunda nabo ngoLwesihlanu.
ENorthdale, kulimale abafundi ababili oneminyaka engu-15 ubudala noneminyaka engu-17 ubudala ngesikhathi sesigameko.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ukugxekile ukuhlasela okuqoshwe kwi-video.
INational Professional Teachers’ Organisation of South Africa e-KZN ithi kusekuningi okumele kwenziwe ukuze kunqandwe lezi zinkinga.
OLUNYE UDABA: ‘Othisha badinga ukuqeqeshwa mayelana nokuqondisa izigwegwe abafundi’
UThirona Moodley wale nyunyana uthi izigameko zodlame seziphenduke insakavukela ezikoleni, wengeza nangokuthi amacala amaningi awafinyeleli emehlweni omphakathi.
“Kuyishwa ukuthi izingxabano eziningi ezikoleni, ubuxhwanguxhwangu nodlame olwenzeka khona luvela ngoba selusabalale ezinkundleni zokuxhumana.
“Othisha babika, cishe nsuku zonke, mayelana nokuba khona nezigameko zokuhlukumeza, ukusabisa noma udlame ezikoleni zethu.
“Ngingasho ngokungabazi ukuthi ziyanda izigameko zodlame ezikoleni zethu. Izenzo zodlame esizibonayo ziwubugebengu futhi kumele kubhekwane nazo ngokohlaka lwalowo mthetho.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
