Ziwakhalele amaphoyisa abebopha abokufika aphinde abadedele ngemali

Amaphoyisa amabili aboshwe enkabeni yedoloba iTheku ngecala lokufuna imali kubantu bokufika kuleli kulindeleke ukuba avele ngaphambi kwenkantolo ngoLwesihlanu.

La maphoyisa, elingisayitsheni nelingu-constable abesebenzisa izikhundla zawo ukusenga imali kubantu bokufika, abakuleli ngoklungethetho.

Ngokusho kwemibiko, la maphoyisa abebopha abantu, babaphoqe ukuthola imali ukuze bezobadedela, ebese bezungeza nabo evenini lamaphoyisa baze bakwazi ukukhokha.

OLUNYE UDABA: Inkantolo yaseNtuzuma igwebe amadoda amabili ngelokubulala eNanda

Kwezinye izikhathi, imali eyayifunwa yila maphoyisa yayicishe ifinyelele kwengu-R3500.

NgoLwesithathu, amalungu amaphoyisa ophiko lwe-SAPS esifundazweni i-Anti Corruption Investigation Unit athathe isinyathelo sokulandela umkhondo, abamba la maphoyisa enkabeni yedoloba iTheku.

La maphoyisa abashwa ayogcinwa esitokisini esiteshini samaphoyisa esimaphakathi nedolobha.

eNCA