Uzobuyele ngelizayo enkantolo oboshelwe elezidakamizwa eChatsworth

Owesilisa ogama lakhe nguGerald Perumal oneminyaka engu-33 ubudala uvele okokuqala enkantolo ngecala elihlobene nelezidakamizwa.

uPerumal uboshwe ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umsebenzi wawo eMhlathuzana naseChatsworth ngoLwesithathu.

Uboshwe ngezinsolo zokuba nelebhu yezidakamizwa kwakhe, lapho ahlala khona nonkosikazi wakhe nezingane ezimbili.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abasolwa ngokukhiqiza izidakamizwa eKZN

Kushaqwe izidakamizwa zohlobo lwe-Mandrax, yicocaine, ne-crack cocaine), amakhemikhali, impahla yokupakisha, izibhamu nezinhlamvu zemali elinganiselwe kweyizigidi zamarandi.

Kutholwe nelambu lakwamasipala kulo muzi.

UPerumal ugqunywe esitokisini kanti uzobuyela enkantolo ngesonto elizayo ezofaka isicelo sebheyili.

eNCA