
Isazi sezeMpilo neSayensi yeZilwane esiseNyuvesi yaKwaZulu-Natal (e-UKZN) sinxuse abalimi bezinkomo ukuthi balandele imithetho yokuphepha ngemuva kokuba izilwane zabo zigonyelwe isifo samatele iFoot amd Mouth Disease (FMD).
UDkt. Ntuthuko Mkhize ubekhuluma ngesigaba sokuqala sokuqaliswa kokugonywa kwezilwane eziningi, lapho isifundazwe saKwaZulu-Natal sinikezwe khona imithamo yemithi yokugoma engu-200 thousand kulandela ukubheduka okukhulu kwalesi sifo.
OLUNYE UDABA: I-KZN izoqala ukugomela amatele kusukela namuhla
Esithangamini sabezindaba sangoLwesithathu, uNgqongqoshe wezoLimo wase-KZN, uThembeni kaMadlopha-Mthethwa, ukhiphe isexwayiso esiqinile kubantu ababandakanyeka ekuhambeni okungekho emthethweni kwezilwane njengoba siphezulu isibalo sesifo samatele.
I-KZN, okuyisizinda sokubheduka kwesifo ezweni, iqale ukugomela izinkomo lesi sifo izolo.
UDkt. Mkhize uthi kubalulekile ukuthi abalimi basebenzise izindlela zokuphepha ezifanele ukugwema ukusabalala kwesifo samatele.
– SABC
