
Ubuholi bamaphoyisa nosomabhizinisi KwaZulu-Natal buthembise ukuqinisa ubudlelwano nokwesekana ukuze kuliwe nobugebengu kulo mkhakha.
Isikhulu samaphoyisa esifundazweni uNhlanhla Mkhwanazi sihlangane nosomabhizinisi eMhlanga ngoLwesibili.
UMkhwanazi uphakamise ukukhathazeka ngokuqolwa, ukuthunjwa kosomabhizinisi, ukugetshengwa kwamabhizinisi, ukudunwa nokuphangwa kwamaloli.
Osomabhizinisi baphinde bakhala ngobugebengu, ukungcola nenqwaba yabantu abangenamakhaya enkabeni yedolobha nasechwebeni laseThekwini.
UMkhwanazi wethule umbiko ngezibalo zobugebengu bamabhizinisi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
