Abesifazane babhekene nelokweba ubucwebe obubiza izigidi esitolo esiseGateway

Babhekene necala lokweba ubucwebe obubiza u-3.2 million wamarandi kanye nokuqamba amanga ngamarekhodi esitoko abantu besifazane abayisithupha, okuhlanganisa abaphathi kanye nabasebenzi esitolo sobucwebe i-Premjis Jewelers eGateway.

Abaphathi uNailash Lala, 61, noReshmar Raghubar, 39, kanye nabasebenzi okunguSamendrie Pillai, 30,  uYagna Ramdeen, 29, uKamentha Pillay, 28 noSashmila Rajkumar, 34,  bavele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngesonto eledlule, lapho icala labo beliqala ukuqulwa.

OLUNYE UDABA: Icala lokweba ePhala Phala liqala namuhla ukuqulwa

Bonke bathweswe icala lokweba.

La bantu besifazane abahlala ezindaweni ezahlukene; ePhoenix, e-Avoca, eMdloti, eVerulam nase-Umgeni Park, baboshwa ngoSeptember 2023. Ngaleso sikhathi, badedelwa ngebheyili ka-R20,000 ngamunye.

Bonke bawaphikile amacala.

Isithombe:

ThePost