Ubaba ka-AKA akeneme neze ngokusakazwa kwemizuzu yokugcina yendodana kwiKhomishana kaMadlanga

IKhomishana kaMadlanga iqinisekisile ukuthi ithole izincwadi ezivela kuyise wesihlabani somrepha ongasekho emhlabeni uKiernan “AKA” Forbes.

UTony Forbes uveze “ukudumala kwakhe okukhulu” ngokusakazwa kwemizuzu yokugcina yendodana yakhe kwikhomishana ngesonto eledlule ngesikhathi sobufakazi bukaSergeant Fannie Nkosi we-Organised Crime Unit Police Unit.

UForbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoene badutshulwa babulawa ngaphandle kwendawo yokudlela yaseThekwini ngoFebruary 2023.

Okhulumela iKhomishana uJeremy Michaels uthi iKhomishana izobhekana nalolu daba.

OLUNYE UDABA:Abukho ubungozi obenziwe ngokubuyisa izelamani zakwaNdimande kuleli

“Ngicabanga ukuthi kuyishwa ukuthi sezwa ngakho ngabezindaba. Bekungokokuqala ngqa ngizwa ngakho futhi bekuyoba kuhle ukuxoxisana ngasese. Ngakho-ke ngaleyo ndlela efanayo, ngeke sihlanganyele obala ngalolu daba. Luwudaba lwangasese.”

USergeant Nkosi unikeze ubufakazi ngokubandakanyeka kwakhe ophenyweni lokubulawa kuka-AKA noTibz. Utshele iKhomishana ukuthi wabandakanyeka ezigabeni zokuqala zophenyo. Wazise iKhomishana ukuthi uMotsoane wayengumshana wasomabhizinisi wamatekisi, uMthakathi Mswazi.

UMswazi, owethulwa kwiKhomishana njengokhulumela umndeni kasomatekisi ongasekho uMswazi Msibi, kuthiwa uhlobene namalungu eqembu lezigelekeqe.

SABC