Azoba ngaphezu kuka-3,400 amaphoyisa ukuqinisa ezokuphepha emgaqweni yaseKZN ngePhasika

UNgqongqoshe wezokuThutha uSiboniso Duma namuhla uqalise umkhankaso wezokuphepha ngamaholidi ePhasika kanti uthi kuzobe kujutshwe amaphoyisa angaphezu kuka-3,483 kanye namaphoyisa omgwaqo kazwelonke angaphezu kuka-105 kuso sonke isifundazwe ngamaholide ePhasika kanye nempelasonto ende yePhasika.

Umkhankaso wezokuphepha emgaqweni ngamaholidi ePhasika kanjalo nempelasonto ende yePhasika uqale ngokuhlolwa kwezithuthi zomphakathi, lapho kuhlolwe khona amabhasi angu-17 namatekisi amancane kwa-RTI eMdloti namuhla ekuseni.

UNggongqoshe uthi amaphoyisa ajutshwe ukuqhuba umsebenzi we-#NenzansiLaEzweni azosebenza amahora angu-24 ngosuku izinsuku eziyisikhombisa ngesonto kuze kube wumhlaka-3 May 2026.

UDuma uthi kuzoba nezivimba-mgwaqo ezingu-148, izivimba-mgwaqo ezingaphezu kwezingu-80 ezizogxila kubashayeli abashayela bedle ezikaFaro, imisebenzi yesivinini esingaphezu kuka-118 ezindaweni ezinezingozi ezinkulu nakwezinye izindawo ezivame ukuhanjwa yizivakashi nabazalwane. Kunezivimbo zomgwaqo ezingaphezu kuka-17 ezifundazweni ezizokwenziwa yithimba lamaphoyisa elizungezayo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe inqwaba yabashayeli ngamacala okuphula imithetho yomgwaqo eKZN

Ngaphezu kwalokho, siyazi ukuthi kunezikole ezike zithathe uhambo ngesikhathi samaholide ePhasika. Kulokhu, sizokwenza imisebenzi engaphezu kuka-91 ​​egxile ekuthuthweni kwabafundi.

Izimoto namatekisi angekho esimeni sokubasemgaqweni azokhishwa. Sizogxila hhayi kubashayeli kuphela kodwa nakubanikazi balezi zimoto.

Okunye uNgqongqoshe akushilo wukuthi phazo qapha anabntu abahamba ngezinyawo bephuze utshwala emigaqweni ematasa. Kuzophinde kuhlawuliswe labo abangafuni ukuhamba emabhulohweni akhelwe abantu abahamba nezinyawo ezindaweni ezahlukene.