Kuboshwe inqwaba yabashayeli ngamacala okuphula imithetho yomgwaqo eKZN

Kuboshwe abantu abaningi eRichards Bay. UDuma uthi i-RTI angeke ize iyeke, lokhu ukusho ngesikhathi enza isimemezelo ngezimo zomgwaqo.

UNgqongqoshe Wezokuthutha nokuHlaliswa kwaBbantu uSiboniso Duma wenze isimemezelo.

“Ikakhulukazi maqondana nesiFunda saseMpangeni esihlanganisa izifunda ezintathu iKing Cetshwayo, iZululand noMkhanyakude, kusukela ngomhlaka-1 kuDecember 2025 kuze kube yimanje, iNo Nonsense RTI Empangeni Region yenze kahle kakhulu:

  • Izingozi zomgwaqo eziphuma nemiphefumulo zehle ngo-30%.
  • Iingozi zomgwaqo zehle ngo-17% .
  • Kuboshwe abashayeli abangu-300 ngokushayela bephuze amanzi amponjwana.
  • Kumiswe kwaseshwa izimoto ezingu-27 972 emgaqweni.
  • Bangu-4 291 abashayeli abathweswe amacala okuphula imithetho yomgwaqo.

“Sithola amazwi okubonga kubahlengikazi mayelana nomthelela omuhle we-Nenzani LaEzweni Operation. Izingozi zomgwaqo zehlile okuholele ekutheni iziguli zingangeni kakhulu ezibhedlela,”kuphetha uDuma.