IZITHOMBE: Bayavelaenkantolo abasolwa ngokudayisa izidakamizwa e-Overport

Bazovela namuhla eNkantolo yeMnatshi yaseThekwini abasolwa abababili ababoshelwe ukudayisa izidakamizwa kanye nokutholakala nesibhamu esingenalayisensi kanye nezinhlamvu eMayville ngoLwesine ebusuku.

Abasolwa ababili abaneminyaka engu-20 nengu-26 ubudala baboshwe ngesikhathi somsebenzi wezobunhloli obuholwa ngamaphoyisa ophiko lwe-KwaZulu-Natal Provincial Organised Crime, abagxile kakhulu kwi-Narcoticsndaweni yasePuntus eMayville.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abasolwa ngokukhiqiza izidakamizwa eKZN

Abasolwa bebebhekwe kusukela ngoJune 202 ngemuva kokuba abaseshi bethole ukuthi laba bobabili badayisa izidakamizwa e-Overport nasezindaweni eziseduze.

Kulandela ukuqoqwa kolwazi olwanele, kwatholakala incwadi yokusesha nokushaqa, ngaleso sikhathi abasolwa batholwa nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, izidakamizwa okubalwa kuzo; i-mandrax, iheroin necocaine.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, intengo yezidakamizwa ezitholiwe ilinganiselwa ku-R700 000.

IZITHOMBE: