Usenkantolo ozinikele emaphoyiseni ngamacala okushushumbisa nokuthumba

Amaphoyisa ophiko loKlebe abophe umuntu wesibili ngamacala okushushumbisa nokuthumba.

Le ndoda eneminyaka engu-48 ubudala izinikele emaphoyiseni aseDurban North ngoLwesine.

Ukuzinikelwa kwayo kuza ngemuva kwezinsuku ezimbili oKlebe bebophe usomabhizinisi waseThekwini oneminyaka engu-65 ubudala emzini wakhe osesilungwini ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile elosolwa ngokushushumbisa abantu

Le ndoda izinikela ngokuyamaniseka nezinsolo zokulutha abantu besifazane abane baseGoli e-Eldorado Park bethenjiswe imisebenzi kanti bazokwenziswa imisebenzi yokungcola yocansi emzini oseDurban North.

Le ndodoa iyavela namuhla eNkantolo yeMantshi yaseThekwini kanti kusalindeleke ukuba kuboshwe abanye abantu.