
Kushone iphoyisa lesilisa nelesifazane ngemuva kokuba lo wesilisa eshayise imoto yahulumeni eXopo izolo ebusuku.
Kubikwa ukuthi lo wesilisa ushonele endaweni yesigameko kanti lo wesifazane ushonela esibhedlela ekuseni.
Iphoyisa elalihamba namanye amaphoyisa amabili amancane, owesifazane oshonile, omunye owesifazane kanye nosana olunonyaka owodwa ubudala – lishayise iveni elalisahyelwa ngelinye iphoyisa.
OLUNYE UDABA: Limiswe emsebenzini iphoyisa elisolwa ngokuthengisa imisebenzi
Leyo moto ewuhlobo lwe-Isuzu yayinabanye abantu abathathu ababegibele kuyo, okubalwa kubo usana olunonyaka owodwa ubudala.
Kubikwa ukuthi bonke bathole ukulimala kodwa basinda.
Iphoyisa elishonile lalisebenza ne-SAPS POP yasePort Shepstone, kodwa kuthiwa lalishayela imoto ye-Kokstad SAPS Stock Theft Unit kanti elinye lamaphoyisa ayesemotweni lohlobo lwe-Toyota Hilux lisebenza kuleyo yunithi.
Amaphoyisa ophiko lwe-SAPS endaweni yakwaSawoti aphenya amacala amabili okubulala ngokungenhloso.
