
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aphenya icala lokubulala kulandela ukubulawa ngesihluku amalungu amane omndeni endaweni yaseMdweshule lapho kusebenza khona amaphoyisa aseMehlomnyama ngoLwesithathu ebusuku, ngomhlaka-31 December 2025.
Kuthiwa owesifazane ozibonele uthe kugasele amadoda amane angaziwa ngesikhathi ezihlalele nesoka lakhe ebeselilobolile kurawondi.
Uthi amadoda amathathu abephethe izibhamu, kanti enye ibiphethe ucelemba.
OLUNYE UDABA: Umndeni uchithe owamaLungelo Abantu uthungatha owahamba nezikhukhula
Kubikwa ukuthi abasolwa bafune imali, kwathi lapho betshelwa ukuthi ayikho imali, babe sebedubula nephindelela kowesilisa oneminyaka engu-45 ubudala, waze washona.
Abasolwa base bemyalela ukuba abakhombise amanye amalungu omndeni, okuyinto ayenzile. Kuthe befika endlini enkulu, badubula babulala umama namadodakazi akhe amabili aneminyaka ephakathi kwengu-31 nengu-67 ubudala.
Abasolwa babaleke endaweni yesehlakalo, namaselula amabili.
