UNdunankulu uqinisekise ukudlula emhlabeni kwabantu kulandela isiphepho eThekwini

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, uthi kushone abantu ababili ngesikhathi kuduma izulu ngesonto eledlule nomoya onamandla ohlasele ezinye izingxenye zesifundazwe.

“Ingaphezu kwengu-400 imizi ethintekile esifundazweni kanti ingaphezu kwengu-50 engenazo izindawo zokuhlala njengoba sikhuluma nje,” kusho uNtuli.

“Indawo yaseMpendle iyodwa kuthinteke imindeni engu-140.

OLUNYE UDABA: Umonakalo odalwe yisimo sezulu esibi uphazamise ukufunda ezikoleni zase-KZN

“Okubuhlungu esisanda kukuzwa namuhla ekuseni wukuthi eThekwini, kushone abantu ababili kule nhlekelele eqhubekayo.”

NgoLwesibili uNtuli noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uVelenkosini Hlabisa bavakashele ku-ward 1 noWadi 5 eMpendle, eMidlands, lapho kucekeleke phansi eminye imizi.

Uthe amathimba asamatasa nokuqoqa imininingwane ngomonakalo odaleke eKZN, eFree State, eWestern Cape nase-Eastern Cape lapho kushone khona abantu abangu-90.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)