
Kushe umuzi eMontclair, eningizimu yeTheku.
Abezicishamlilo bachithe amahora ambalwa bebhula umlilo kuGlen Road ngoMsombuluko ekuseni.
UCraig Peters, okhulumela abezicishamlilo, uthe umlilo unyukele kuphahla lomuzi ngesikhathi befika.
Uthe kushe nemoto ebikhona kule ndawo.
OLUNYE UDABA: Kushone isalukazi kusha umuzi oThongathi
“Ithimba lethu lokuqala elijutshwe kule ndawo lilandele umkhondo womlilo lapho uqale khona saphinde sengeza ngelinye ithimba, sathola inqwaba yamasilinda,” kusho uPeters.
“Amasilinda ambalwa abesevele eqhumile.”
UPeters uthi akekho othole ukulimala.
“Kule ndlu kunezindawo ezahlukene, engenhla nengezansi kanti kubukeka sengathi kunemindeni eminingi ehlala lapho.
“Ngokusho komnikazi womuzi, kukhishwe wonke umuntu. Lokhu sikuqinisekise ngemuva kokwenza ucwaningo lwesibili, ilangabi selibhuliwe.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
