

Ezinye izakhamuzi zaseMontclair, eningizimu yeTheku, zithi bekufanele kuxoxiswe nazo ngaphambi kokuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal athenge isikhungo esizohlalisa abakhahlanyezwe yizikhukhula.
NgeSonto, uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uSiboniso Duma, umemezele ukuthi bathole iMontclair Lodge kwaTransnet ngoMay ngemali engu-R33 million.
Ngesonto eledlule, bangaphezu kwabangu-100 abantu abakhishwe ehhotela eliseThekwini ngemuva kokuba uMnyango uhlulekile ukukhokha isikweletu ebesisele sendawo yokuhlala.
UMnyango wesifundazwe uthe le ndawo, enamagumbi angu-268, izohlalisa izisulu zezikhukhula kusukela ngoJanuary.
OLUNYE UDABA: Uhulumeni wase-KZN uthole indawo yokuhlala eseMontclair ezohlalisa izisulu zezikhukhula
Isakhamuzi saseMontclair, uTerrence Clarke, sithi sokholelwa ekutheni uhulumeni bekufanele agxile ekulungiseni kabusha izakhiwo ezingasebenzi esikhundleni sokuthenga ezintsha.
UClarke, ubona sengathi izigebengu zingasizakala uma isimo singanakiwe.
UMandy Coster, ophinde abe ngusihlalo weMontwood Ratepayers Association, uthe bakhathazekile ngokuphepha kwabo.
“Kuke kwahlala abantu laphaya ngaphambilini futhi kwanyuka nezinga lobugebengu endaweni ngoba ngempela baphila ngani?”
UHeidi Geyser, usihlalo weMontclair Ratepayers Association uthe ingqalasizinda endaweni ngeke ikwazi ukumelana nokuthutheleka kwabantu.
“Izakhamizi eziningi zihlushwa ukungabi nogesi namanzi izinsuku ezine kuya kwezinhlanu ngaphambi kokuthi zilungiselwe. Sinezinkinga zendle ezingalungisiwe namapayipi amanzi aqhuma njalo.
“Le ndawo ngesikhathi yakhiwa yayingabelwe abantu abangaka futhi ngenxa yokuthi ayinakekelwa abantu abaningi endaweni isivele ibhidlika manje izobhidlika nakanjani.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
