
Umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal usunxuse abafundi bakamatikuletsheni ukuthi bangazibandakanyi nemibhiyozo yokuqeda ukubhala izivivinyo eyaziwa nge “Pens down”.Phela kulombhiyozo abafundi bayaye babhale imifaniswano yabo baphinde bayidabule baphuze nophuzo oludakayo.
Okhulumela umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal uMuzi Mahlambi uthi ungongqoshe wezemfundo umnu Sipho Hlomuka usenxuse abazali kanye nomphakathi ukuthi basebenzisane ekunqandeni i Pens down njengoba kugcina kunezigameko ezimbi ezibikwayo ngalemibhiyozo. Umnyango uyanxusa ukuthi abafundi bakamatikuletsheni bawugcine kahle umfaniswano wabo bese kuthi ngomhlaka 14 January 2025 uma sebezolanda imiphumela ezikoleni zabo bafike banikele ngawo.
