


I-Enterprise iLembe ibinomcimbi omuhle, umcimbi ogqugquzela intsha ukuba igxile ezincwadini ngoba imfundo iyisango leminyango eminingi eholela empumelelweni.
NgoLwesibili i-Enterprise iLembe ibambe umcimbi wokuhlonipha intsha esiqedile ngokuqeqeshwa njengoba ibithweswa iziqu zayo ze-Skills Development Programme, eBallito KwaZulu-Natal.
Usihlalo webhodi le-Enterprise iLembe, uNkosenhle Mngadi uncome ukuzikhandla, ukuzinikela nokukhula okukhonjiswe ngabafundi ohambweni lwabo lwezinyanga ezingu-12.
“Namuhla asigubhi imfundo namakhono kuphela kodwa lo mcimbi owokubungaza ithemba, ukunikwa amandla nenqubekelaphambili.”
OLUNYE UDABA: Kuqutshwa umkhankaso wokuqeda ngezikhungu ezingekho emthethweni eThekwini
Lolu hlelo lube yimpumelelo ngokubambisana ne-MICTSETA, yiFood, Beverage SETA kanye neMoses Kotane Research Institute (MKRI) abakwazi ukuhlanganisa amakhanda ukuze kwakheke ikusasa labantu abasha, abesifazane, abaphila nokukhubazeka namadoda ngokuthuthukisa amakhono.
Lolu hlelo luhlomise abafundi emikhakheni ebalulekile okubalwa kuyo:
• I-Food and Beverage Manufacturing Processes,
• I-ICT Networking,
• I-Digital Literacy,
• Digital Transformation.
“Lezi zinhlelo bekungezona nje ezokuthola ulwazi kuphela kodwa bezimayelana nokuvula amathuba nokuhlomisa abantu abasha ukuthi bafinyelele, benze baphinde bachume emnothweni wanamuhla nowakusasa,” kusho uSihlalo
USihlalo uzwakalise ukubonga okusuka enhliziyweni kwabakade ebambisene nabo; i-FoodBev SETA, i-MICTSETA neMKRI ngokuzibophezela kwabo ngokuqhuba umthelela omuhle ozokwenza uzinzo kwisiFunda iLembe.
Siphinde sidlulise okunye ukubonga ngokuseseka nokubambisana nezinye izinhlngano okubalwa iHarambe, yi-SAYouth, yi-NYDA namahhovisi abantu abasha endawo, abazali namalungu ompakathi.
I-Enterprise iLembe iphinde idlulise ukubonga ithimba layo labasebenzi ngokuzikhandla, ukuzinikela kwalo nokuzibophezela okuyikho okwenze uhlelo lwayimpumelelo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
