
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu usegxeke isigameko sokuhlaselwa kwabaqaphi bomphakathi.
Lokhu kuza ngemuva kwesigameko sokudubula emjondolo yaseMarry Me eSoshanguve, enyakathi yePitoli ngempelasonto lapho kubulawe khona abaqaphi abahlanu, kwaphuthunyiswa abanye abantu abayisishiyagalolunye esibhedlela.
OLUNYE UDABA: Amaphoyisa anikezwe amahora angu-72 ukuthola ababulali bezokuphepha emphakathini ePitoli
Ngokusho kombiko wamaphoyisa, izisulu zazindawonye ekuseni ngoMgqobelo ziqhuba umsebenzi wazo ngesikhathi kuqubuka ingxabano namadoda amahlanu ayehlomile.
Okhulumela uNgqongqoshe uKamogelo Mogotsi uthi, “Sikugxeka kakhulu ukubulawa kwabantu ngesihluku nobugebengu obenzeke eMarry Me. La malungu omphakathi abengahlomile abezibophezele ekulweni nobugebengu nokwenza ngcono ezokuphepha komphakathi wawo. Kwakuphawuleka ukuthi bamelana nobugebengu futhi lokho kuyinto enhle abebe yenza.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
