Amalungu e-MK azobhikishela ukunyuswa kwe-VAT

Iqembu loMkhonto Wesizwe lithi amalungu alo azogcwala imigwaqo ekhala ngokunyuswa kwe-VAT.

IsiShayamthetho Sikazwelonke, kuleli sonto, siphasise isabelomali sika-2025 esihlanganisa ukunyuswa kwe-VAT okuyiphesenti elilodwa (1%), okuhlukaniswe phakathi eminyakeni emibili.

Lesi siphakamiso sokuqala sasusa ukungezwani phakathi kwamanye amaqembu akuHulumeni Wobumbano Lwesizwe, njengoba i-Democratic Alliance (DA) yanqaba ukweseka.

OLUNYE UDABA: I-MK ihlela ukuvala kwezwe iphikisana nokunyuswa kwe-VAT

Iqembu lifuna isivimbelo senkantolo sokuvimba abakwaSouth African Revenue Service(SARS) ukuthi baqalise lolu hlelo lokwenyuka ngomhlaka-1 May.

UNobhala Jikelele we-MKP uFloyd Shivambu ekhuluma esithangameni nabezindaba ngoLwesihlanu uthe, bazokwethula owabo umkhankaso wokulwa nokunyuswa kwentela.

“Sizosebenza ngaphakathi ePhalamende ukwethula ezinye izindlela zokuthi yini enye engenziwa esikhundleni sokunyusa i-VAT, okuyinto ezohluphekisa abantu bakithi, kodwa futhi sizoyisa imizabalazo yethu emigwaqeni ukuze abantu kube yibona abamelana nokunyuswa kwe-VAT.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)Edit

One thought on “Amalungu e-MK azobhikishela ukunyuswa kwe-VAT

  1. **mitolyn reviews**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *