
OwayenguSomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula uhlulekile emzamweni wakhe wokuphoqa umbuso ukuba udalule ngokugcwele okuqukethwe yidokodo ecaleni lakhe lenkohlakalo.
INkantolo eNkulu yaseGauteng, ePitoli, ikhiphe isinqumo sayo ngoLwesihlanu, kulandela iziphakamiso ezethulwe ngabamangalelwa kanye nombuso, eziphikisa isicelo sakhe.
Lowo owayenguSomlomo, ongaphandle ngebheyili ka-R50 000, ubhekene namacala angu-12 enkohlakalo nelilodwa lokushushumbisa imali.
OLUNYE UDABA: Inkantolo izokhipha isinqumo mayelana nesicelo sikaMapisa-Nqakula sokuthola i-diary yophenyo ecaleni lakhe
La macala ahlobene nezinsolo zokuthi, ngesikhathi engungqongqoshe wezokuVikela kusukela ngoJune 2012 kuya ku-August 2021, wacela futhi wathola intshontsho lika-2 million wamarandi kuSonkontileka, uNombasa Ntsondwa-Ndhlovu.
UMapisa-Nqakula ufuna kudalulwe amadokodo.
UMapisa-Nqakula ucele ukungena eSigabeni B no-C sedokodo, esinemibiko yangaphakathi ne-diary yophenyo. Isigaba A ngokuvamile siqukethe ubufakazi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
