
Izicishamlilo zibhule ilangabi kumaloli amabili abevutha umlilo ngaseVan Reenen’s Pass ngoLwesihlanu ekuseni.
Lezi zimoto zigqamuke amalangabi kulandela ukushayisana ku-N3, nokuyikho okuphoqelele ukuba kuvalwe umgwaqo kuzo zombili izinhlangothi.
Kubikwa ukuthi uyedwa umuntu oshonile.
OLUNYE UDABA: Kuvalwe uN3 eVan Reenens kusha amaloli
I-N3 Toll Concession ithi umgwaqo uvalwe isikhathi esifishane kanti bekuqhubeka nomsebenzi wokulawula izimoto.
Yize kunjalo, isiminyaminya besisikhulu kakhulu.
Abashayeli bezimoto bacelwe ukuthi bayigweme le ndawo njengoba kuqhubeka izinhlelo zokuyilungisa.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
