Ugixabezwe ngodilikajele owabulala ivolontiya lokhetho eKZN

Iziphathimandla zithi kwaqubuka uthuthuva phakathi kwamaqembu ezepolitiki eduze kwaseCamperdown KwaZulu-Natal ngaphambi kokhetho lwasekhaya lwango-2021.

USifundo Ngubane, osebenzisana nelinye lamaqembu, wathatha isinqumo sokuthi umphakathi waKwaNyavu ungavunyelwa ukuvota ngoNovember.

Amalungu omphakathi asatshiswa ngomqafazo owasabalala, owawuthi noma ngubani ozovota uzowukhomba umuzi onotshwala

OLUNYE UDABA: UNdunankulu wase-KZN wethule ama-E-Panic App ukulwa ne-GBV

Indoda yaKwaZulu-Natal eyalahlwa yicala lokubulala ivolontiya lokhetho isiqalile ukudonsa isigwebo sayo sikadilikajele.

Okhulumela i-KZN National Prosecuting Authority (NPA) uNatasha Kara uthi ivolontiya nabanye bazishaya indiva izinsongo zalo.

UKara uthi uNgubane ukholwa wukuthi lo wesifazane wagqugquzela abanye ukuthi bavote wabe esevula isikhungo sokuvota.

“UNgubane uthathwe njengomuntu ongakufanele ukuba nesibhamu kanti futhi inkantolo ikhiphe nomyalelo wokuthi umbuso umephuce isibhamu sakhe.

“I-NPA iyakwamukela ukushushiswa okubeyimpumelelo. Izenzo zokungabekezelelani kwezombusazwe kanye nodlame lobulili izinkantolo angeke zizibekezelele.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *