
Uhulumeni uzibophezele ekusizeni imindeni yezisulu zokudlwengulwa ezintathu eMatatiele e-Eastern Cape.
Izingane ezintathu ezineminyaka ephakathi kweyisithupha neyisikhombisa zadlwengulwa kule ndawo ngo-October ngonyaka odlule.
Zonke lezi zigameko kusolwa ukuthi zenzeke ezikoleni zabo, izingane ezimbili kusolwa ukuthi zike zabhekana nalesi sigameko esikhungweni esisodwa okukholakala ukuthi namanje sisavuliwe.
Njengamanje abazali bayakungabaza ukuphepha kwezingane zabo ezikhungweni zemfundo.
IGobizembe iyindawo yasemakhaya eMatatiele, eqhele kakhulu nedolobha.
Kule ndawo kuthuleke kakhulu, ngaphandle kokuxoxisana okuphakathi kwabangani nomakhelwane kanye nemisindo yalabo abelusa imfuyo.
OLUNYE UDABA: #Justice4Cwecwe: Uhulumeni uxwayisa ngokusebenzisa ‘budedengu’ izinkundla zokuxhumana kulolu daba
Kule ndawo kunekhaya elithwele kanzima kulandela isigameko sokudlwengulwa kwentombazane eneminyaka eyisikhombisa ngonyaka odlule.
Oyilungu lalo mndeni uthe le ntombazanyana ayiphindaka yabuyela esimeni sayo selokhu kwenzeka isigameko.
“Emasontweni amathath adlule, yangeniswa esibhedlela ngoba kunoketshezi olunegazi nobomvu olwaluphuma emadlebeni futhi akakwazi ukulawula isinya sakhe. Kwesinye isikhathi uyazichamela engaqondile kanti futhi usehlezi ethukuthele.”
– EWN
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
