
Iziphathimandla zikumgwaqo omkhulu u-N3 eduze kwaseVan Reenen’s Pass lapho kungqopngqe khona amaloli amabili.
Kubikwa ukuthi kushone umuntu oyedwa ngesikhathi kushayisana izimoto ngaphambilini.
OLUNYE UDABA: Abantu bagijime bayotapa impahla engozini yamaloli ku-N3
Okhulumela iRoad Traffic Inspectorate, uSindi Msimang, uthe kunesiminyaminya esikhulu njengoba kuvalwe izinhlangothi zombili zomgwaqo, obheke eThekwini naseGoli:
“Njengamanje abezicishamlilo bamatasa bazama ukubhula ilangabi kuwo womabili amaloli. Kuzoba nohlelo lokukhuculula ngemuva kwalokho bese kuvulwa umgwaqo. Amaphoyisa omgwaqo asebenza kanzima ukuze kuvulwe umgwaqo.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
