UJulius Malema unikezwe imvume yokudlulisa isigwebo ecaleni lesibhamu

UMengameli we-EFF uJulius Malema uphumelele kancane esikhalweni sakhe ngemuva kokugwetshwa iminyaka emihlanu ejele kulandela icala lakhe lesibhamu.

Isinqumo sikhishwe namuhla, 16 April 2026, yiMantshi uTwanet Olivier eNkantolo yesiFunda sase-East London eKuGompo City, e-Eastern Cape.

UMalema ubebhekene namacala amahlanu kanti ukwetshwe kanje:

1. Ukutholakala nesibhamu – Iminyaka emihlanu ejele

2. Ukutholakala nezinhlamvu zesibhamu ngokungemthetho – iminyaka emibili ejele

3. Ukuqhumisa isibhamu esidlangalaleni – Inhlawulo ka-R20 000 noma izinyanga eziyisithupha ejele

4. Ubudedengu bokubeka abantu noma impahla engozini – Inhlawulo ka-R20 000 noma izinyanga eziyisithupha ejele

5. Ukuhluleka ukuthatha izinyathelo zokuphepha ezifanele ukuze ugweme ingozi – Inhlawulo ka-R20 000 noma izinyanga eziyisithupha ejele

Zonke izigwebo zizodonswa kanye kanye.

OLUNYE UDABA: Kuncume i-AfriForum uMalema elahlwa yicala

Kuphinde kwamenyezelwa ukuthi akafanele ukuba nesibhamu.

UMalema wafaka isicelo sokudlulisa icala ngokushesha ngokumelene nokugwetshwa kwakhe kanye nesigwebo sakhe.

UMalema uzohlala ngaphandle ngesexwayiso kuze kube yilapho inqubo yokudlulisa icala iyaphela.

UMalema usazoqhubeka nokuba yilungu lePhalamende