
Isiteshi somakazo i-METRO FM,imemezele ukuthi umcimbi omkhulu wama-Metro FM Music Awards (MMA’s) uzosingathwa eThekwini, KwaZulu-Natal iminyaka emithathu elandelayo kusukela ngonyaka ka-2026.
Lo mcimbi osusingathwe iminyaka emithathu ngempumelelo eMpumalanga kusukela ngo-2023 kuya ku-2025, usubuyela eThekwini.
OLUNYE UDABA: IKZN izuze lukhulu kwezomnotho ngenyanga kaJuly
UNada Wotshela oyisikhulu se-SABC Group for Radio, uthi, “Siyajabula ukubuyisa ama-METRO FM Music Awards endaweni eyintandokazi eNingizimu Afrika, iTheku ngo-2026. Siyajabula ukugubha ithalente lomculo waseNingizimu Afrika eThekwini, idolobha elaziwa ngenkundla yalo yomculo nokuzijabulisa evelele, nenamasiko ahlukahlukene.”
“ITheku liyaziqhenya ngokusingatha ama-METRO FM Music Awards eminyakeni emithathu ezayo. Lo mcimbi uqhakambisa idolobha lethu uphinde usibeka njengendawo efanele yezokuvakasha nemicimbi, kusho iMeya yaseThekwini, uCyril Xaba.”
Lo mcimbi wemiklomelo, iqhutshwa yi-Motsepe Foundation kanti iChief Operating Officer yeMotsepe Foundation uKenneth Mashaba, sithi bajabulile ukubambisana nama-Metro Music Awards! futhi lo mcimbi uzodala amathuba emisebeni ufukule nomnonto.
Imininingwane yosuku lo mcimbi, abaqokiwe kanye nabaculi izomenyezelwa maduze kanti futhi kwengezwe izigaba ezinhlobo zomculo ezimbili – Best Maskandi ne-Best Lekompo.
IZITHOMBE:










