
Inyanga kaJuly ibe yinyanga eyingqophamlando kwezamafilimu KwaZulu-Natal njengoba abeKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority (KZNTAFA) behlanganise imicimbi ebenesasa elikhulu enyangeni eyodwa.
IKZNTAFA ihlanganise umcimbi we-Durban International Film Festival, oweDurban FilmMart kanye nowokuklonyeliswa kwabenza kahle kakhulu emkhakheni wezamafilimu nakuthelevishini iSimon Sabela Awards.
UJackie Motsepe uthe, inyanga yamafilimu kaJuly ihlanganise kahle iDurban International Film Festival, Durban FilmMart, kanye namaSimon Mabhunu Sabela Awards yaba umbukiso owodwa onamandla.
OLUNYE UDABA: Uhlu lwabo bonke abawine kuma-12th Simon Mabhunu Sabela KZN Film & Television Awards
“Angaphezi kuka-200 amafilimu akuleli neyezwekazi i-Afrika abe yimibukiso egqamise ababambiqhaza base-KZN kanye nokuzibophezela ekukhiqizeni amafilimu asekhaya.
Imiphumela yalokhu kube izinga iKwaZulu-Natal enyuke ngalo yahamba phambili njengendawo yamafilimu e-Afrika. Amafilimu amabili asekelwa yiziphathimandla zezokuvakasha nezamafilimu yi-Lucky Fish kanye ne-Gold works kanti futhi yiwo akhonjiswa kwi-Durban international film festival.
Ngaphezu kwamafilimi, intandokazi yabaningi, okungumjaho wamahhashi waminyaka yonke iHollywoodbets Durban July igqamise ngokusobala ukuthi kungani kuyiyona esangumakhonya eThekwini. Yize kunjalo sibonele linyuka kakhulu izinga kuDundee July kwacaca ukuthi ayisekho imicimbi emincane njengoba kubikwe ukuthi isifundazwe sizuze kakhulu kwezomnotho ngezokuvakasha.
UMotsepe uthe abamabhizinisi amancane okubalwa kubo abashayeli bama-shuttle kuya kwabathengisa ngempahla yemisebenzi yezandla zabo, babike ukunyuka kwemali engenile efinyelele ku-40%.
Wathi lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi imicimbi efana nale iwufukula kangakanani umnotho.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
