I-NCOP ithi ube nemiphumela emihle umhlangano wayo noMkhwanazi

Inhloko yethimba lezithunywa zoMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe, uMzamo Billy, uthi umhlangano wabo noKhomishana wamaPhoyisa eKZN uNhlanhla Mkhwanazi ube nezithelo ezinhle.

Amalungu oMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe ahlangane noMkhwanazi ekomkhulu leSAPS eThekwini namuhla ekuseni.

“Ukhomishana ubejabule kakhulu; wakwamukela ukuvakasha kwethu. Wayiqonda inhloso yomhlangano. Sonke savumelana ngokuthi kunezingqinamba,” kusho uBilly.

OLUNYE UDABA: URamaphosa usungule ikhomishini ezophenya ngokushiwo nguMkhwanazi

UBilly uthi izingxoxo noNhlanhla Mkwanazi eThekwini bezigxile kwizinselelo zamaphoyisa eKZN.

“Okufike kwaqina kakhulu wudaba lwamandla okusebenza nokuhlinzekwa kwamaphoyisa, okuyinto entula kakhulu. Amaphoyisa awenele esifundazweni. Emphakathini wabantu abangu-12.5 million esifundazweni, kanti abalelwa ku-23 000 amaphoyisa esifazane nawesilisa.

“Izimoto eziningi ziyalungiswa, inkulu inkinga enkhona ngokulungiswa kwazo ngoba ukuthengwa kwezimpahla kumele kudlule ePitoli. Amaphoyisa awanalo ikomkhulu lawo, leli bhilidi ebesikulo namuhla ekuseni aliqashile.”

Okunye uBilly athe okuphakanyisiwe okuyinkathazo kubalwa kukho ukugcinwa komthetho kamasipala. UBilly uphethe ngokuthi konke okudingidiwe bazokuhambisa ePhalamende.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)