Ugixabezwe ngeminyaka engu-12 ebhadle ejele ngawokuzama ukubulala

INkantolo yesiFunda yaseMtubatuba igwebe uSahluko Patrick Mthembu oneminyaka engu-32 ubudala iminyaka engu-12 ebhadla ejele ngemuva kokuba inkantolo imthole enecala lodlame lwamatekisi oluhlobene nokuzama ukubulala.

Isigwebo sakhishwa ngomhlaka-31 kuJuly 2025.

Ngomhlaka-5 December 2019 ekuseni, othisha ababili baqasha i-meter taxi ukubahambisa esikoleni samabanga aphansi ababesebenza kuso.

UMthembu obengunogada kasoseshini wamatekisi waalandela i-meter taxi eyayiyaKwaMduku eHluhluwe nalapho adubula khona amahlandla amaningi ebhekise kumshayeli we-meter taxi ngaphandle kokukhuluma.

Umshayeli wakwazi ukubaleka ngaphandle kokulimala.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala ingane ngoba isimfanela nobaba wayo

Ngemuva kweminyaka emithathu lingaphumi icala, icala labe selidluliselwa ophikweni lweProvincial Taxi Violence Unit olukwazile ukuxhumanisa uMthembu naleli cala lambopha ingakapheli inyanga.

Uphenyo olunzulu lwamaphoyisa luveze ukuthi uMthembu wadubula umshayeli we-meter taxi ngoba emsola ngokuthutha abagibeli bamatekisi ngaphandle kwegunya. Amaphoyisa akwazile ngempumelelo ukuphikisana nezicelo eziningi zebheyili zikaMthembu wagcinwa esitokisini kwaze kwaba wusuku lokugwetshwa kwakhe, kusho isitatimende samaphoyisa.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)