UZuma ubhalele uRamaphosa incwadi efuna izimpendulo ngolukaSenzo Mchunu

Umholi we-MK Party, owayengumengameli wakuleli uJacob Zuma, usethumele incwadi kuMengameli Cyril Ramaphosa efuna izimpendulo mayelana nokumiswa kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu.

UZuma kanye ne-MK Party bakuphikisa ukumiswa kukaMchunu eNkantolo yoMthethosisekelo ngesonto eledlule.

Bebethi uRamaphosa bekufanele amxoshe ungqongqoshe othinteka ezinsolweni zenkohlakalo nokugxambukela kwezepolitiki kwa-SAPS.

OLUNYE UDABA: Ithi yenelisekile i-ANC ngokusingathwa kwezinsolo zikaMkhwanazi

Inkantolo yabenqabela ukuthi bangene ngqo, kanti manje uZuma ufuna ukucaciselwa kahle kumengameli.

UZuma ufuna ukuthi kuhoxiswe ukufungiswa kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa osabambile, uFiroz Cachalia, noma uRamaphosa esule ngezinsolo zokwephula isifungo sakhe.

UZuma unikeze uRamaphosa kuze kube umhlaka-8 August ukuthi aphendule.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)