
Ungoti wezemfundo ukholelwa ekutheni abanye othisha badinga ukuqeqeshwa ngendlela yokuphatha aabafundi emakilasini ngaphandle kokuna nodlame.
Isishoshovu uHendrick Makaneta ubelokhu ephawula ngokutholwe embikweni wakamuva, okhombisa ukuthi isifundazwe saKwaZulu-Natal sibe nezinga eliphezulu lokushaywa kwabafundi ngo-2023.
Ngo-2023 iGeneral Household Survey yathola ukuthi umfundi oyedwa kwabahlanu, okanue u19.1%, washaywa ngothisha.
Isifundazwe sase-Eastern Cape sona siphume isibili ohlwini, ngo-12.4% silandelwa yiNorth West Province ngo-6.6%.
OLUNYE UDABA: Umndeni ufuna kuthathwe izinyathelo mayelana nokushaywa kwengane yawo esikoleni
UManeta uthi othisha kumele bathole izindlela ezingcono zokuqondisa izigwegwe abafundi.
“Ukuqondisa izigwegwe kwabafundi ngokusebenzisa induku kungaholela ekuhlukumezekeni kwezingane. Ngakho-ke, izikole kanye nohulumeni kumele basebenzisane ukuze kuqiniswe imigomo evimbela ukusetshenziswa kwenduku kubafundi, kanye nokugqugquzela izindlela ezikahle zokuqondisa izigwegwe.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
