Umisiwe emsebenzini umfundi wezindaba kulandela isigameko sodlame emgaqweni

INewzroom Afrika ngoLwesibili imemezele ukuthi u-Aldrin Sampear uzothatha ikhefu emsebenzini wakhe wokusakaza njengoba kusalindwe ukubuyekezwa kwangaphakathi kwesigameko sodlame emgwaqeni ngesonto eledlule.

I-TimesLIVE ibike ukuthi umfundi wasenyuvesi oneminyaka engu-20 ubudala uvulele uSampear icala lokushaya ngemuva kwesigameko okusolakala ukuthi washayisa kuso ingemuva kwesokudla semoto yakhe ngamabomu.

OLUNYE UDABA: Isisuse umsindo ivideo eveza umfundi wezindaba ehilizisana nowesifazane emgaqweni

I-video yesigameko, okuthiwa senzeke ku-Jan Smuts Avenue eRandburg, isisabalele kuzo zonke izinkundla zokuxhumana.

Kule video, uSampear ubonakala ebhekene nowesifazane, emsola ngokumphakamisela umunwe ophakathi nokuyilapho yena emsola ngokumshaya.

Esitatimendeni, umsakazi uthe, “INewzroom Afrika izozithathela phezulu lezi zinsolo futhi sizosebenza ngokushesha ukubhekana nalolu daba.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *