
Johannesburg – Ibhange lasePostbank lithi lisebenzise imali engaphezu kwengu-200 million wamarandi ukushintshela abantu abasebenzisa amakhadi ayigolide e-South African Social Security Agency (SASSA) ibashintshela emakhadini amasha amnyama.
Le nhlangano ithe yenelisekile ngokusetshenziswa kwayo kulolu hlelo, yathi ingaphansi kwesabelomali esigunyaziwe semali engu-300 million wamarandi.
Lokhu kudalulwe yizikhulu zakwaPostbank nezakwa-SASSA esithangamini sabezindaba ePitoli ngoMsombuluko ngaphambi komnqamulajuqu wangomhlaka-20 March 2025 wokuphela kwamakhadi.
OLUNYE UDABA: Iyeza maduze: Isikhwama sokusiza abantu ukuthi bakhokhe ibheyili
I-Postbank ithe ushintsho beludingeka ngoba amakhadi ayo asephelelwe yisikhathi kanti futhi bekudinga ukuba bakhiphe amakhadi amasha anezici zokuphepha ezithuthukisiwe.
Ukuze benze lokhu, baqashe indawo yokusebenza ezitolo ukuze basize abahlomulayo.
Le nhlangano ithe iphinde yaqasha abasebenzi abangu-700 kulolu hlelo yaphinde yakhokhela izikhulu ezingena umuzi nomuzi ukuze zifinyelele emiphakathini yasemakhaya.
Isikhulu esiphezulu sePostbank uNikki Mbenganshe uthe ukusetshenziswa kwemali kwenkampani kuze kube manje kusengaphansi kwesabelomali.
uphethe ngokuthi basenabantu abangu-1.5 million abadinga ukushintshelwa emakhadini amnyama.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
